Abahluleli 21:9-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Sebebalwa abantu; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.

10. Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu, yabayala yathi: “Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.

11. Yilokhu eniyakukwenza: Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.”

12. Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo; baziyisa ekamu* eShilo elisezweni laseKhanani.

13. Yonke inhlangano yathuma yakhuluma kubantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni lakwaRimoni, yamemezela ukuthula kubo.

14. UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.

15. Abantu bamhawukela uBenjamini, ngokuba uJehova wayenze ukwahlukana ezizweni zakwa-Israyeli.

16. Amalunga enhlangano ayesethi: “Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu abesifazane bechithiwe kwaBenjamini, na?”

17. Athi: “Nga liba khona ifa labaphunyukileyo bakwaBenjamini, ukuze kungesulwa sizwe kwa-Israyeli.

18. Kepha asinakubanika nokho amadodakazi ethu abe ngomkabo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babefungile bethi: ‘Makaqalekiswe onika owakwaBenjamini umfazi.’ ”

Abahluleli 21