Abahluleli 21:6-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

6. Abantwana bakwa-Israyeli bamhawukela uBenjamini umfowabo, bathi: “Kunqunyiwe namuhla esinye isizwe kwa-Israyeli.

7. Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu sifungile uJehova ukuthi asiyikubanika amadodakazi ethu abe ngomkabo, na?”

8. Bathi: “Yisiphi kuzo izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na?” Bheka, akufikanga muntu ekamu* ovela eJabeshi Gileyadi ukuya ebandleni.

9. Sebebalwa abantu; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.

10. Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu, yabayala yathi: “Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.

11. Yilokhu eniyakukwenza: Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.”

12. Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo; baziyisa ekamu* eShilo elisezweni laseKhanani.

13. Yonke inhlangano yathuma yakhuluma kubantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni lakwaRimoni, yamemezela ukuthula kubo.

14. UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.

15. Abantu bamhawukela uBenjamini, ngokuba uJehova wayenze ukwahlukana ezizweni zakwa-Israyeli.

Abahluleli 21