Abahluleli 20:42-48 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

42. Ngalokho bafulathela phambi kwabantu bakwa-Israyeli, bahamba ngendlela yasehlane, kepha ukulwa kwabalandela; abaphuma emizini bababulala phakathi kwayo.

43. Babahaqa abakwaBenjamini nxazonke, babaxosha, babanyathela phansi endaweni yabo yokuphumula, baze bafika malungana neGibeya ngasempumalanga.

44. Kwawa abantu bakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe.

45. Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni; bakhothoza kubo emendweni abantu abayizinkulungwane eziyisihlanu, babaxosha kwaze kwabaseGideyomu, babulala kubo abantu abayizinkulungwane ezimbili.

46. Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu abahlome inkemba; bonke labo babe ngamaqhawe.

47. Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka, babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine.

48. Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini, bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini, nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo.

Abahluleli 20