38. Isiboniso esinqunyiweyo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli nabaqamekeli sasiyilesi sokuba bathunqise umusi omkhulu wenyuke emzini.
39. Abantu bakwa-Israyeli babuyela emuva empini; uBenjamini wayeseqalile ukubulala nokuceka kubantu bakwa-Israyeli kungathi abantu abangamashumi amathathu, ngokuba bathi: “Impela babulewe phambi kwethu njengasekulweni kwakuqala.”
40. Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini, abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini.
41. Base bephenduka abantu bakwa-Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.
42. Ngalokho bafulathela phambi kwabantu bakwa-Israyeli, bahamba ngendlela yasehlane, kepha ukulwa kwabalandela; abaphuma emizini bababulala phakathi kwayo.
43. Babahaqa abakwaBenjamini nxazonke, babaxosha, babanyathela phansi endaweni yabo yokuphumula, baze bafika malungana neGibeya ngasempumalanga.
44. Kwawa abantu bakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe.
45. Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni; bakhothoza kubo emendweni abantu abayizinkulungwane eziyisihlanu, babaxosha kwaze kwabaseGideyomu, babulala kubo abantu abayizinkulungwane ezimbili.
46. Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu abahlome inkemba; bonke labo babe ngamaqhawe.
47. Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka, babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine.
48. Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini, bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini, nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo.