Abahluleli 20:35-47 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

35. UJehova wanqoba uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngalolo suku kwaBenjamini abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke labo babehlome inkemba.

36. Base bebona abantwana bakwaBenjamini ukuthi banqotshiwe; abantu bakwa-Israyeli bamdela uBenjamini lokhu bebebethemba abaqamekeli ababebabekile ngaseGibeya.

37. Abaqamekeli bashesha badumela eGibeya; abaqamekeli basuka bachitha umuzi wonke ngosiko lwenkemba.

38. Isiboniso esinqunyiweyo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli nabaqamekeli sasiyilesi sokuba bathunqise umusi omkhulu wenyuke emzini.

39. Abantu bakwa-Israyeli babuyela emuva empini; uBenjamini wayeseqalile ukubulala nokuceka kubantu bakwa-Israyeli kungathi abantu abangamashumi amathathu, ngokuba bathi: “Impela babulewe phambi kwethu njengasekulweni kwakuqala.”

40. Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini, abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini.

41. Base bephenduka abantu bakwa-Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi.

42. Ngalokho bafulathela phambi kwabantu bakwa-Israyeli, bahamba ngendlela yasehlane, kepha ukulwa kwabalandela; abaphuma emizini bababulala phakathi kwayo.

43. Babahaqa abakwaBenjamini nxazonke, babaxosha, babanyathela phansi endaweni yabo yokuphumula, baze bafika malungana neGibeya ngasempumalanga.

44. Kwawa abantu bakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe.

45. Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni; bakhothoza kubo emendweni abantu abayizinkulungwane eziyisihlanu, babaxosha kwaze kwabaseGideyomu, babulala kubo abantu abayizinkulungwane ezimbili.

46. Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu abahlome inkemba; bonke labo babe ngamaqhawe.

47. Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka, babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine.

Abahluleli 20