22. Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baziqinisa, babuye bahlela impi endaweni abazihlela kuyo ngosuku lokuqala.
23. Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa; babuza kuJehova, bathi: “Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na?”UJehova wathi: “Yenyukelani kuye.”
24. Abantwana bakwa-Israyeli basondela kubantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesibili.
25. UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili, wabuye wabulala kubantwana bakwa-Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.
26. Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.
27. Abantwana bakwa-Israyeli babuza kuJehova ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku;
28. uFinehasi indodana ka-Eleyazare ka-Aroni wema phambi kwawo ngalezo zinsuku bathi: “Siyakuphinda siphume ukuba silwe nabantwana bakwaBenjamini umfowethu, nokuba siyeke na?”UJehova wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngiyakubanikela esandleni sakho.”
29. U-Israyeli wabeka abaqamekeli kulo iGibeya nxazonke.
30. Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ukulwa nabantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesithathu, bazihlelela ukulwa neGibeya njengakwezinye izikhathi.
31. Abantwana bakwaBenjamini baphuma ukulwa nabantu, badonswa, baphuma emzini; baqala ukubulala nokuceka abantu njengakwezinye izikhathi emendweni, omunye okhuphukela eBethele, omunye oya eGibeya ensimini, kungathi amadoda angamashumi amathathu kwa-Israyeli.
32. Abantwana bakwaBenjamini bathi: “Babulewe phambi kwethu njengakuqala.”Kepha abantwana bakwa-Israyeli bathi: “Masibaleke, sibadonse, baphume emzini, baye emendweni.”
33. Bonke abantu bakwa-Israyeli basuka endaweni yabo, bazihlela eBali Tamari; abaqamekeli bakwa-Israyeli bavumbuluka endaweni yabo eMare Geba.
34. Kweza malungana neGibeya abantu abayizinkulungwane eziyishumi abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli; ukulwa kwakunzima, kepha babengazi ukuthi ingozi isifikile kubo.
35. UJehova wanqoba uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngalolo suku kwaBenjamini abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke labo babehlome inkemba.
36. Base bebona abantwana bakwaBenjamini ukuthi banqotshiwe; abantu bakwa-Israyeli bamdela uBenjamini lokhu bebebethemba abaqamekeli ababebabekile ngaseGibeya.