Abahluleli 20:19-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

19. Abantwana bakwa-Israyeli bavuka ekuseni, bamisa malungana neGibeya.

20. Abantu bakwa-Israyeli baphuma ukuba balwe noBenjamini; abantu bakwa-Israyeli bazihlelela ukulwa nabo eGibeya.

21. Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwabakwa-Israyeli ngalolo suku amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili.

22. Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baziqinisa, babuye bahlela impi endaweni abazihlela kuyo ngosuku lokuqala.

23. Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa; babuza kuJehova, bathi: “Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na?”UJehova wathi: “Yenyukelani kuye.”

24. Abantwana bakwa-Israyeli basondela kubantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesibili.

Abahluleli 20