1. Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.
2. Izinhloko zabantu bonke, izizwe zonke zakwa-Israyeli, zafika ebandleni labantu bakaNkulunkulu, abantu abayimigundatshani; abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, abahlome inkemba.
3. Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babenyukele eMispa. Bathi abantwana bakwa-Israyeli: “Sitsheleni ukuthi lobu bubi benziwa kanjani na?”
4. UmLevi, umyeni wowesifazane owayebulewe, waphendula wathi: “Ngafika eGibeya lakwaBenjamini, mina nesancinza sami, ukulala khona.
5. Abantu baseGibeya bangivukela, bahaqa indlu nxazonke zami ebusuku; bacabanga ukungibulala mina, nesancinza sami basona; sesifile.
6. Ngase ngithatha isancinza sami, ngasihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babesebenzile ukona nobuwula kwa-Israyeli.