Abahluleli 2:20-23 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: “Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami,

21. angiyikuphinda ngixoshe phambi kwabo noyedwa walezo zizwe azishiyayo uJoshuwa ekufeni kwakhe,

22. ukuze ngivivinye ngazo u-Israyeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha.”

23. UJehova wayeseyeka lezo zizwe zingaxoshwa masinyane, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.

Abahluleli 2