20. Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathi: “Ngokuba lesi sizwe seqile isivumelwano sami engabayala ngaso oyise, singalalelanga izwi lami,
21. angiyikuphinda ngixoshe phambi kwabo noyedwa walezo zizwe azishiyayo uJoshuwa ekufeni kwakhe,
22. ukuze ngivivinye ngazo u-Israyeli, uma beyakugcina indlela kaJehova ukuba bahambe ngayo njengalokho oyise bebeyigcina, noma qha.”
23. UJehova wayeseyeka lezo zizwe zingaxoshwa masinyane, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.