Abahluleli 19:20-30 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. Lase lithi ixhegu: “Ukuthula makube kuwe; kepha konke okuswelayo makube phezu kwami; kepha ungalali esigcawini.”

21. Lase limngenisa endlini yalo, lazinika izimbongolo ifoliji;* bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.

22. Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”

23. Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo, lathi kubo: “Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula.

24. Bhekani, nansi indodakazi yami, intombi, nesancinza sakhe; ngiyakubakhipha bona manje, nibone, nenze kubo njengokuthanda kwenu; kepha kulo muntu ningenzi ubuwula obunjalo.”

25. Kepha abantu kabavumanga ukumlalela; khona lowo muntu wasibamba isancinza sakhe, wasikhiphela kubo; basazi, basona ubusuku bonke kwaze kwaba sekuseni; ekuthatheni kokusa basiyeka.

26. Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa, wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya.

27. Inkosi yakhe yavuka ekuseni, yavula iminyango yendlu, yaphuma ukuba ihambe indlela yayo; bheka, owesifazane, isancinza sakhe, wayewile ngasemnyango wendlu, izandla zakhe ziphezu kombundu.

28. Yathi kuye: “Vuka sihambe,” kepha akuphendulanga muntu. Yayisimbeka embongolweni yayo; wasuka lowo muntu, waya endaweni yakhe.

29. Lapho esengenile endlini yakhe, wathatha umese, wabamba isancinza sakhe, wasihlahlela ithambo ngethambo, kwaba yizinqamu eziyishumi nambili, wasithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.

30. Kwathi bonke abakubonayo bathi: “Akuzange kwenziwe okunjalo, akuzange kubonwe kusukela osukwini abantwana bakwa-Israyeli abakhuphuka ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla; zindlani ngalokho, nilulekane, nikhulume.”

Abahluleli 19