Abahluleli 19:12-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. Inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.”

13. Yayisithi encekwini: “Woza, sisondele kwenye yalezi zindawo; siyakulala eGibeya noma eRama.”

14. Base bethula bahamba; ilanga lashona bengaseGibeya elingelakwaBenjamini.

15. Baphambukela lapho ukuba bangene, balale eGibeya; wangena, wahlala phansi esigcawini somuzi; ngokuba kwakungekho muntu owabamukela endlini yakhe ukuba balale khona.

16. Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo ensimini kusihlwa; lalingumuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, lagogobala eGibeya; kepha abantu baleyo ndawo babe ngabakwaBenjamini.

17. Waphakamisa amehlo akhe, wabona isihambi esigcawini somuzi; ixhegu lase lithi: “Uyangaphi na? Uvelaphi na?”

18. Wathi kulo: “Siyadlula sivela eBetlehema Juda, siya ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi; ngivela khona; ngaya eBetlehema Juda; sengiya endlini kaJehova, kepha akukho muntu ongamukela endlini yakhe.

19. Kukhona nokho utshani nefoliji* lezimbongolo zethu; mina-ke nginesinkwa newayini, kanjalo nencekukazi yakho nensizwa enathi, izinceku zakho; akusweleke lutho.”

20. Lase lithi ixhegu: “Ukuthula makube kuwe; kepha konke okuswelayo makube phezu kwami; kepha ungalali esigcawini.”

21. Lase limngenisa endlini yalo, lazinika izimbongolo ifoliji;* bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.

Abahluleli 19