Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.