1. Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda.
2. Isancinza sakhe samgilela ubufebe, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine.
3. Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso, asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye.
4. Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.
5. Kwathi ngosuku lwesine bavuka ekuseni kakhulu, wasuka ukuba ahambe; uyise wentombi wathi kumkhwenyana wakhe: “Hlumelela inhliziyo yakho ngocezu lwesinkwa, andukuba nihambe.”
6. Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: “Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.”
7. Kepha lowo muntu wasukuma nokho ukuba ahambe; wayesemncengisisa umukhwe wakhe, wabuye walala khona.