Abahluleli 18:26-31 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

26. Bahamba abantwana bakwaDani; uMika esebonile ukuthi banamandla kunaye, waphenduka, wabuyela endlini yakhe.

27. Bathatha abekwenzile uMika nompristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula belondekile, bababulala ngosiko lwenkemba; bashisa umuzi ngomlilo.

28. Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi, bahlala kuwo.

29. Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala.

30. Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe.

31. Base bemisa isithombe esibaziweyo sikaMika abesenzile sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.

Abahluleli 18