25. Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.”
26. Bahamba abantwana bakwaDani; uMika esebonile ukuthi banamandla kunaye, waphenduka, wabuyela endlini yakhe.
27. Bathatha abekwenzile uMika nompristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula belondekile, bababulala ngosiko lwenkemba; bashisa umuzi ngomlilo.
28. Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi, bahlala kuwo.
29. Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala.
30. Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe.
31. Base bemisa isithombe esibaziweyo sikaMika abesenzile sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.