20. Yayisithokoza inhliziyo yompristi, wayithatha ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu.
21. Baphenduka, bamuka, babeka izingane, nezinkomo, nempahla phambi kwabo.
22. Sebekude nendlu kaMika abantu abasezindlini eziseduze nendlu kaMika babuthana, babafica abantwana bakwaDani.
23. Bamemeza kubantwana bakwaDani, baphenduka, bathi kuMika: “Yini ukuba ufike nesixuku na?”
24. Wathi: “Nithathile onkulunkulu bami engabenzayo, nompristi, namuka; ngisenani na? Nisholoni kimi ukuthi: ‘Yini na?’ ”
25. Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.”
26. Bahamba abantwana bakwaDani; uMika esebonile ukuthi banamandla kunaye, waphenduka, wabuyela endlini yakhe.
27. Bathatha abekwenzile uMika nompristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula belondekile, bababulala ngosiko lwenkemba; bashisa umuzi ngomlilo.
28. Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi, bahlala kuwo.
29. Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala.
30. Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe.
31. Base bemisa isithombe esibaziweyo sikaMika abesenzile sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.