Abahluleli 18:2-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomndeni wabo, bephuma kuso sonke isizwe sabo, amaqhawe, beseSora nase-Eshitawoli, ukuba bahlole izwe, balicinge; bathi kubo: “Hambani, nilicinge izwe,” bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona.

3. Lapha besengasendlini kaMika, balazi izwi lensizwa engumLevi, baphambukela khona, bathi kuye: “Walethwa ngubani lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?”

4. Wathi kubo: “UMika ungenzele ukuthi nokuthi; ungiqashile ngaba ngumpristi wakhe.”

5. Base bethi kuye: “Ake umbuze uNkulunkulu ukuze sazi uma indlela yethu esiyihambayo iyakuba nempumelelo.”

6. Umpristi wathi kubo: “Hambani nokuthula; indlela eniyihambayo iphambi kukaJehova.”

Abahluleli 18