Wayenabaqamekeli behlezi ekamelweni eliphakathi. Wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wayesegqabula izinsinga njengentambo yefilakisi* igqatshulwa, lapho izwa umlilo. Ngalokho amandla akhe awaziwanga.