Abahluleli 15:1-5 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kodwa kwathi emva kwesikhathi, ngesikhathi sokuvuna ukolweni, uSamsoni wahambela umkakhe enezinyane lembuzi; wathi: “Ngiyakungena kumkami ekamelweni.” Kepha uyise kavumanga ukuba angene.

2. Uyise wathi: “Bengithi impela umalile nokumala; ngalokho ngamnika umngane wakho; udadewabo omelamayo kamuhle kunaye na? Ake umthathe esikhundleni sakhe.”

3. USamsoni wathi kubo: “Okwalesi sikhathi anginacala kumaFilisti, uma ngiwenzela okubi.”

4. USamsoni wahamba, wabamba izimpungushe ezingamakhulu amathathu, wathatha izikhuni, wazibhekisana ngemisila, wafaka isikhuni phakathi kwemisila ngamibili.

5. Wazithungela izikhuni ngomlilo, wazivumela ukuba zingene phakathi kwamabele amaFilisti engakavunwa, washisa amaqhinqa nezinhlanga zamabele kanye nezivini neminqumo.

Abahluleli 15