5. USamsoni wayesehla noyise nonina, baya eThimna, bafika ezivinini zaseThimna; bheka, ibhongo lengonyama lamhlangabeza libhodla.
6. UMoya kaJehova wafika phezu kwakhe ngamandla, walidwengula kungathi udwengula izinyane lembuzi, engaphethe lutho esandleni sakhe: kepha akabatshelanga uyise nonina abekwenzile.
7. Wehla, wakhuluma nowesifazane; wathandeka kuSamsoni.
8. Emva kwesikhathi wabuya ukuba amthathe, waphambuka ukuyobona isidumbu sengonyama; bheka, kwakukhona iqulo lezinyosi esidumbini sengonyama kanye noju.
9. Wazitapa ngezandla zakhe, wahamba, wahamba edla, wafika kuyise nonina, wabapha, badla nabo; kepha akabatshelanga ukuthi wayetape izinyosi esidumbini sengonyama.
10. Uyise wehla, waya kulowo wesifazane, uSamsoni wenza idili khona, ngokuba zazenze njalo izinsizwa.