Abahluleli 14:12-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

12. USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;

13. kepha uma ningenakuyiqandela kimi, niyakunginika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu.”Bathi kuye: “Yisho imfumbe yakho ukuba siyizwe.”

14. Wayesethi kubo:“Kodlayo kwaphuma ukudla,konamandla kwavela okumnandi.”Babengenakuyiqandela imfumbe ngezinsuku ezintathu.

15. Kwathi ngosuku lwesikhombisa bathi kumkaSamsoni: “Yenza umyeni wakho ukuba asichasisele imfumbe, funa sikushise wena nendlu kayihlo ngomlilo; nisimemele ukuba nisidle na? Akunjalo na?”

16. UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe, wathi: “Uyangizonda kuphela, awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona.”Wathi kuye: “Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?”

17. Wakhala phambi kwakhe izinsuku eziyisikhombisa, lisekhona idili labo; kwathi ngosuku lwesikhombisa wayesemtshela, ngokuba wamcindezela kakhulu; wayisho imfumbe kwabakubo.

18. Abantu bomuzi bathi kuye ngosuku lwesikhombisa, lingakashoni ilanga:“Kuyini okumnandi kunezinyosi?Kuyini okunamandla kunengonyama na?”Wathi kubo:“Uma beningalimanga ngesithokazi sami,ngabe ningayiqandelanga imfumbe yami.”

Abahluleli 14