Abahluleli 13:1-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engamashumi amane.

2. Kwakukhona umuntu othile waseSora womndeni wakwaDani ogama lakhe lalinguManowa; umkakhe wayeyinyumba engazali.

3. Ingelosi kaJehova yabonakala kowesifazane, yathi kuye: “Bheka-ke, uyinyumba, awuzali, kepha uyakukhulelwa, uzale indodana.

4. Ngalokho ake uxwaye ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo,

5. ngokuba bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana, impuco ayiyikuthinta ekhanda layo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni; uyakuqala ukusindisa u-Israyeli esandleni samaFilisti.”

6. Owesifazane wayeseya ukubika endodeni yakhe, ethi: “Kufikile kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sasinjengesimo sengelosi kaNkulunkulu, sesabeka kakhulu; angimbuzanga ukuthi uvelaphi, naye akangitshelanga igama lakhe.

7. Kepha wathi kimi: ‘Bheka, uyakukhulelwa, uzale indodana; ngakho ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, ungadli lutho olungcolileyo, ngokuba umntwana uyakuba ngumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni kuze kube sosukwini lokufa kwakhe.’ ”

8. UManowa wayesemncenga uJehova, wathi: “O Nkosi, umuntu kaNkulunkulu owamthumayo ake abuyele kithi, asifundise ukuthi siyakwenzani kumntwana ozakuzalwa.”

Abahluleli 13