Abahluleli 12:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. UJefta wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. Wafa uJefta wakwaGileyadi, wambelwa komunye wemizi yakwaGileyadi.

8. Emva kwakhe u-Ibisani waseBetlehema wahlulela u-Israyeli.

9. Wayenamadodana angamashumi amathathu; amadodakazi angamashumi amathathu wawendisa, wathathela amadodana akhe izintombi ezingamashumi amathathu. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyisikhombisa.

10. U-Ibisani wafa, wembelwa eBetlehema.

11. Emva kwakhe u-Eloni wakwaZebuloni wahlulela u-Israyeli; wamahlulela u-Israyeli iminyaka eyishumi.

12. U-Eloni wakwaZebuloni wafa, wembelwa e-Ajaloni ezweni lakwaZebuloni.

Abahluleli 12