2. UmkaGileyadi wamzalela amadodana; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.”
3. UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.
4. Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli.
5. Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi.
6. Athi kuJefta: “Woza ube ngumholi wethu, silwe nabantwana bakwa-Amoni.”
7. UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga yini, nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?”
8. Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa-Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.”
9. Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi: “Uma ningibuyisa ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, uJehova abanikele phambi kwami, ngiyakuba yinhloko yenu.”
10. Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “UJehova makabe ngufakazi wethu; impela siyakwenza njengezwi lakho.”
11. UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.
12. UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, wathi: “Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?”
13. Inkosi yabantwana bakwa-Amoni yathi kuzo izithunywa zikaJefta: “Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lakithi ekukhuphukeni kwakhe eGibithe, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki naseJordani, buyisani lawo mazwe ngokuthula.”
14. UJefta wabuye wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni,
15. wathi kuyo: “Usho kanje uJefta, uthi: U-Israyeli akathathanga izwe lakwaMowabi nezwe labantwana bakwa-Amoni.