Abahluleli 11:17-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

17. u-Israyeli wathuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi, wathi: ‘Ake ngidabule izwe lakho;’ kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga; nasenkosini yakwaMowabi wathuma kanjalo; kepha ayivumanga; u-Israyeli wayesehlala eKadeshi.

18. “Wayesehamba ehlane, wazungeza izwe lakwa-Edomi nezwe lakwaMowabi, weza ngasempumalanga kwezwe lakwaMowabi, wamisa ngaphesheya kwe-Arinoni; kepha abangenanga emkhawulweni wakwaMowabi, ngokuba i-Arinoni lalingumkhawulo wakwaMowabi.

19. “U-Israyeli wayesethuma izithunywa kuSihoni inkosi yama-Amori, inkosi yaseHeshiboni; u-Israyeli wathi kuye: ‘Ake sidabule izwe lakho, siye endaweni yethu.’

20. Kodwa uSihoni akamethembanga u-Israyeli ukuba adabule emkhawulweni wakhe; kepha uSihoni wabutha bonke abantu bakhe, wamisa eJahasi, walwa no-Israyeli.

21. “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli wanikela uSihoni nabo bonke abantu bakhe esandleni sakwa-Israyeli, bababulala; u-Israyeli wadla izwe lonke lama-Amori, abantu balelo zwe.

22. Badla izwe lonke lama-Amori, kusukela e-Arinoni kuze kube seJakobi, kusukela ehlane kuze kube seJordani.

23. “Manje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uwaxoshile ama-Amori phambi kwabantu bakhe u-Israyeli; wena uyakulidla izwe na?

24. Awuyikudla lelo uKemoshi unkulunkulu wakho akunika lona ukuba ulidle na? Kanjalo bonke uJehova, uNkulunkulu wethu, abaxosha phambi kwethu, siyalidla elabo.

Abahluleli 11