Abahluleli 11:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta.

2. UmkaGileyadi wamzalela amadodana; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.”

3. UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.

4. Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli.

5. Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi.

6. Athi kuJefta: “Woza ube ngumholi wethu, silwe nabantwana bakwa-Amoni.”

Abahluleli 11