Abahluleli 11:1-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UJefta wakwaGileyadi wayeyiqhawe elinamandla; wayeyindodana yesifebe; uGileyadi wamzala uJefta.

2. UmkaGileyadi wamzalela amadodana; esekhulile amadodana omkakhe amxosha uJefta, athi kuye: “Awuyikulidla ifa endlini kababa, ngokuba uyindodana yomunye owesifazane.”

3. UJefta wabalekela abafowabo, wahlala ezweni laseThobi; kwabuthana kuJefta amayiyane, aphuma naye.

4. Kwathi emva kwesikhashana abantwana bakwa-Amoni balwa no-Israyeli.

5. Bathi abantwana bakwa-Amoni belwa no-Israyeli, amalunga akwaGileyadi aya amlanda uJefta ezweni laseThobi.

6. Athi kuJefta: “Woza ube ngumholi wethu, silwe nabantwana bakwa-Amoni.”

7. UJefta wathi kumalunga akwaGileyadi: “Aningizondanga yini, nangixosha endlini kababa na? Nizelani kimi manje nisekuhluphekeni na?”

8. Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “Sibuyele kuwe manje ngalokhu ukuba uhambe nathi, ulwe nabantwana bakwa-Amoni, ube yinhloko phezu kwabo bonke abakhe kwaGileyadi.”

9. Wayesethi uJefta kumalunga akwaGileyadi: “Uma ningibuyisa ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, uJehova abanikele phambi kwami, ngiyakuba yinhloko yenu.”

10. Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “UJehova makabe ngufakazi wethu; impela siyakwenza njengezwi lakho.”

11. UJefta wayesehamba namalunga akwaGileyadi; abantu bamenza inhloko nomholi phezu kwabo; uJefta wakhuluma onke amazwi akhe phambi kukaJehova eMispa.

12. UJefta wathuma izithunywa enkosini yabantwana bakwa-Amoni, wathi: “Unamsebenzi muni nami ukuba uze kimi ukulwa nezwe lakithi na?”

13. Inkosi yabantwana bakwa-Amoni yathi kuzo izithunywa zikaJefta: “Ngokuba u-Israyeli walithatha izwe lakithi ekukhuphukeni kwakhe eGibithe, kusukela e-Arinoni kuze kube seJaboki naseJordani, buyisani lawo mazwe ngokuthula.”

Abahluleli 11