Abahluleli 1:9-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. Ngasemuva behla abantwana bakwaJuda ukuba balwe namaKhanani ayakhe ezintabeni, nangaseningizimu, nasenzansi.

10. UJuda wayesehlasela amaKhanani ayakhe eHebroni igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala babulala oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi.

11. Wasuka lapho, waya kwabakhe eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala.

12. UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.”

Abahluleli 1