Abahluleli 1:29-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

29. Naye u-Efrayimi akaxoshanga amaKhanani ayakhe eGezeri; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.

30. UZebuloni akaxoshanga abakhe eKitroni, nabakhe eNahaloli; kepha amaKhanani ahlala phakathi kwabo, asetshenziswa.

31. U-Asheri akaxoshanga abakhe e-Ako, nabakhe eSidoni, nase-Ahlabi, nase-Akizibi, naseHelba, nase-Afiki, naseRehobe;

32. kepha ama-Asheri ahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe, ngokuba abawaxoshanga.

33. UNafetali akaxoshanga abakhe eBeti Shemeshi nabakhe eBeti Anati, kepha wahlala phakathi kwamaKhanani ayakhe kulelo zwe; kodwa abakhe eBeti Shemeshi naseBeti Anati basetshenziswa yibo.

34. Ama-Amori adudulela abantwana bakwaDani ezintabeni, ngokuba awabavumelanga ukwehlela esigodini.

35. Kepha ama-Amori aphumelela ukuhlala entabeni yaseHeresi, nase-Ajaloni, naseShahalabimi; kodwa isandla sendlu kaJosefa sahlula, aze asetshenziswa.

36. Umkhawulo wama-Amori wasukela ekwenyukeni kwe-Akarabimi naseSela, waya ngenhla njalo.

Abahluleli 1