13. U-Otheniyeli indodana kaKenazi, umnawe kaKalebi, walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe.
14. Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: “Ukhala ngani?”
15. Wathi kuye: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu ngiphe nemithombo yamanzi.” UKalebi wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.
16. Abantwana bomKheni umukhwe kaMose benyuka emzini wamasundu nabantwana bakwaJuda, baya ehlane lakwaJuda elingaseningizimu kwase-Aradi; baya bakha nabantu bakhona.
17. UJuda wahamba noSimeyoni umfowabo, bachitha amaKhanani ayakhe eSefati, baliqothula. Igama lomuzi laliyiHorma.
18. UJuda wathatha iGaza nomkhawulo walo, ne-Ashikeloni nomkhawulo walo, ne-Ekroni nomkhawulo walo.
19. UJehova wayenaye uJuda, waxosha abasezintabeni; wayengenakuxosha kodwa abakhe esigodini, lokhu bebenezinqola zensimbi.
20. Bamnika uKalebi iHebroni, njengalokho ebekhulumile uMose; waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki.
21. Abantwana bakwaBenjamini abawaxoshanga amaJebusi ayakhe eJerusalema, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaBenjamini eJerusalema kuze kube namuhla.
22. Kwenyukela eBethele nabendlu kaJosefa; uJehova wayenabo.
23. Abendlu kaJosefa bathuma bahlola iBethele; igama lomuzi laliyiLuze kuqala.