3 Kajohane 1:11-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.

12. UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.

13. Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki* nosiba;

14. kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.

15. Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.

3 Kajohane 1