11. Sithandwa, ungalandeli okubi kodwa okuhle. Owenza okuhle ungokaNkulunkulu; owenza okubi akambonanga uNkulunkulu.
12. UDemetriyu ufakazelwa yibo bonke nayilo iqiniso uqobo lwalo; nathi-ke siyafakaza ngaye, wazi nawe ukuthi ukufakaza kwethu kuqinisile.
13. Benginokuningi ebengiyakukulobela khona, kepha angithandi ukukulobela ngoyinki* nosiba;
14. kepha ngiyethemba ukukubona masinyane, sikhulume umlomo nomlomo.
15. Ukuthula makube kuwe. Abahlobo bayakhonza kuwe. Khonza kubo abahlobo ngamagama.