3 Kajohane 1:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ilunga kuye uGayu othandekayo engimthanda ngeqiniso.

2. Sithandwa, kunakho konke ngikufisela ukuba ube nenhlanhla nokuphila, njengokuba umphefumulo wakho unenhlanhla.

3. Ngokuba ngathokoza lapha kufika abazalwane befakazela iqiniso lakho, njengokuba uhamba eqinisweni.

4. Anginayo intokozo enkulu kunaleyo yokuba ngizwe ukuthi abantwana bami bahamba eqinisweni.

5. Sithandwa, wenza okuthembekileyo ngalokho okwenzele abazalwane nokuba bengabafo

6. abafakazele uthando lwakho phambi kwebandla; uzakwenza kahle, uma ubaphelekezela ngokufanele uNkulunkulu;

7. ngokuba ngenxa yeGama baphuma bengathathi lutho kwabezizwe.

8. Ngalokho-ke thina sifanele ukubamukela abanjalo, ukuze sibe yizisebenzi zeqiniso kanye nabo.

9. Ngalobela ibandla okuthile, kodwa uDiyotrefe othanda ukuba abe mkhulu phakathi kwabo akasamukeli thina.

3 Kajohane 1