4. UDavide wamaphuca abamahhashi abayinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili; uDavide wanquma imisipha yawo onke amahhashi ezinqola, washiya awezinqola eziyikhulu kodwa.
5. Ama-Aramu aseDamaseku esefika ukumsiza uHadadezeri inkosi yaseSoba, uDavide wabulala abantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili kuma-Aramu.
6. UDavide wamisa amakhanda e-Aramu laseDamaseku, ama-Aramu aba yizinceku zikaDavide, athela intela. UJehova wamnqobisa uDavide nomaphi lapho eya khona.
7. UDavide wathatha izihlangu zegolide ezazisezincekwini zikaHadadezeri, waziletha eJerusalema.