15. kepha umusa wami awuyikusuka kuyo, njengalokho ngawususa kuSawule engamsusa ngaphambi kwakho.
16. Indlu yakho nombuso wakho kuyakuqiniswa njalo phambi kwakho; isihlalo sakho sobukhosi siyakumiswa kuze kube phakade.’ ”
17. Njengawo onke lawo mazwi nanjengawo wonke lowo mbono uNathani wakhuluma kuDavide.
18. UDavide inkosi wayesengena, wahlala phambi kukaJehova, wathi: “Ngingubani, Nkosi Jehova, nendlu yami iyini, ukuze ungilethe kuze kube lapha, na?
19. Lokho kwakuyinto encane nje nokho emehlweni akho, Nkosi Jehova, kepha ukhulumile futhi ngendlu yenceku yakho isekude, ukukhulume futhi ngendlela yabantu, Nkosi Jehova.
20. “UDavide angenezela ngokuthini kuwe na? Wena uyayazi inceku yakho, Nkosi Jehova.