2 Usamuweli 7:1-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi lapho inkosi ihlala endlini yayo, uJehova eseyiphumuzile ezitheni zayo zonke, nxazonke,

2. inkosi yathi kuNathani umprofethi: “Bheka, mina ngihlala endlini yemisedari,* kepha umphongolo kaNkulunkulu uhlala phakathi kwezilenge.”

3. UNathani wathi enkosini: “Hamba wenze konke okusenhliziyweni yakho, ngokuba uJehova unawe.”

4. Kepha kwathi ngalobo busuku izwi likaJehova lafika kuNathani, lathi:

5. “Hamba uyitshele inceku yami uDavide ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uyakungakhela indlu ukuba ngihlale kuyo na?

6. Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.*

2 Usamuweli 7