9. UDavide wamesaba uJehova ngalolo suku. Wathi: “Umphongolo kaJehova uyakuza kanjani kimi na?”
10. Ngalokho uDavide akavumanga ukuwuletha umphongolo kaJehova kuye emzini kaDavide, kepha uDavide wawubuyisela eceleni endlini ka-Obede Edomi umGiti.
11. Umphongolo kaJehova wahlala endlini ka-Obede Edomi umGiti izinyanga ezintathu; uJehova wambusisa u-Obede Edomi nendlu yakhe yonke.
12. Kwatshelwa inkosi uDavide ukuthi uJehova ubusisile indlu ka-Obede Edomi nakho konke okwakhe ngenxa yomphongolo kaNkulunkulu. UDavide wahamba wenyusa umphongolo kaNkulunkulu endlini ka-Obede Edomi, wawuyisa emzini kaDavide ngokujabula.
13. Kwakuthi ababethwele umphongolo kaJehova sebehambile izinyathelo eziyisithupha, wahlaba inkabi nethole elikhuluphalisiweyo.
14. UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.
15. Kanjalo uDavide nayo yonke indlu ka-Israyeli benyusa umphongolo kaJehova ngokukhamuluka nangokukhala kwecilongo.
16. Kwathi umphongolo kaJehova ungena nje emzini kaDavide, uMikhali indodakazi kaSawule walunguza efasiteleni, wabona inkosi uDavide itshekula, isina phambi kukaJehova; wayidelela enhliziyweni yakhe.