9. UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.
10. UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.
11. UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.
12. UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
13. UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.
14. Nanka amagama abazalelwa eJerusalema: oShamuwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,
15. noJibari, no-Elishuwa, noNefegi, noJafiya,
16. no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti.
17. Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.
18. AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa.
19. UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?”UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”
20. UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona; wathi: “UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.*
21. Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo.
22. AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa.