3. Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.
4. UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane.
5. EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.
6. Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.
7. UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.