13. UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.
14. Nanka amagama abazalelwa eJerusalema: oShamuwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,
15. noJibari, no-Elishuwa, noNefegi, noJafiya,
16. no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti.
17. Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.
18. AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa.
19. UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?”UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”
20. UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona; wathi: “UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.*
21. Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo.
22. AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa.
23. Lapho uDavide ebuza kuJehova, wathi yena: “Awuyikwenyuka; gwegwesa emva kwawo, uwafikele malungana namajikijolo.
24. Kuyakuthi lapho usuzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zamajikijolo, usheshe, ngokuba kuyilapho uJehova eyakube ephumile ngaphambi kwakho ukuchitha impi yamaFilisti.”
25. UDavide wenze njalo njengalokho uJehova emyalile, wachitha amaFilisti kusukela eGeba kuze kufike eGezeri.