11. UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.
12. UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.
13. UDavide wazithathela ezinye izancinza nabafazi eJerusalema, esefikile evela eHebroni; uDavide wayesazalelwa amadodana namadodakazi.
14. Nanka amagama abazalelwa eJerusalema: oShamuwa, noShobabi, noNathani, noSolomoni,
15. noJibari, no-Elishuwa, noNefegi, noJafiya,
16. no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti.
17. Lapho amaFilisti esezwile ukuthi bamgcobile uDavide ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli, onke amaFilisti enyuka ukumfuna uDavide; uDavide wakuzwa, wehlela enqabeni.
18. AmaFilisti esefikile ahlakazeka esiGodini samaRefa.
19. UDavide wabuza kuJehova, wathi: “Ngiyakwenyuka, ngihlasele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sami na?”UJehova wathi kuDavide: “Yenyuka, ngokuba ngiyakuwanikela impela amaFilisti esandleni sakho.”
20. UDavide wafika eBali Pherasimi, uDavide wawachitha khona; wathi: “UJehova ufohlile ezitheni zami phambi kwami njengokufohla kwamanzi.” Ngalokho waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBali Pherasimi.*
21. Ashiya izithombe zawo lapho; uDavide nabantu bakhe bahamba nazo.
22. AmaFilisti abuye enyuka, ahlakazeka esiGodini samaRefa.