1. Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.
2. Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”
3. Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.
4. UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane.
5. EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.
6. Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.
7. UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.
8. UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide; ngalokho kuthiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.’ ”