2 Usamuweli 5:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izizwe zonke zakwa-Israyeli zafika kuDavide eHebroni, zasho zathi: “Bheka, thina siyithambo lakho nenyama yakho.

2. Ngesikhathi esidlulileyo, uSawule eseyinkosi phezu kwethu, nguwe owakhipha nowangenisa u-Israyeli; uJehova wathi kuwe: ‘Wena uyakwalusa abantu bami u-Israyeli, wena uyakuba ngumbusi wakwa-Israyeli.’ ”

3. Kwase kufika onke amalunga akwa-Israyeli enkosini eHebroni; inkosi uDavide yenza isivumelwano nawo eHebroni phambi kukaJehova; amgcoba uDavide abe yinkosi kwa-Israyeli.

4. UDavide wayeneminyaka engamashumi amathathu ekuqaleni kwakhe ukubusa; wabusa iminyaka engamashumi amane.

5. EHebroni wabusa kwaJuda iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu kwa-Israyeli wonke nakwaJuda.

6. Inkosi nabantu bayo baya eJerusalema ukulwa namaJebusi ayakhe kulelo zwe; asho kuDavide, athi: “Awuyikungena lapha; uyakususwa yizimpumputhe nezinyonga,” ecabanga ukuthi uDavide angengene lapha.

7. UDavide wathatha nokho inqaba yaseSiyoni engumuzi kaDavide.

8. UDavide wathi ngalolo suku: “Yilowo nalowo ochitha amaJebusi makasukele emseleni wamanzi izinyonga nezimpumputhe lezo ezizondwa ngumphefumulo kaDavide; ngalokho kuthiwa: ‘Izimpumputhe nezinyonga azinakungena endlini.’ ”

9. UDavide wahlala enqabeni, wayibiza ngokuthi umuzi kaDavide. UDavide wakha nxazonke kusukela eMilo kuya ngaphakathi.

10. UDavide waqhubeka njalo ngokukhula, ngokuba uJehova uNkulunkulu Sebawoti wayenaye.

11. UHiramu inkosi yaseTire wathuma izithunywa kuDavide, nemisedari,* nababazi bemithi, nabakhi; bamakhela uDavide indlu.

12. UDavide waqonda ukuthi uJehova wayemmisile impela ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli nokuthi uphakamisile umbuso wakhe ngenxa yabantu bakhe u-Israyeli.

2 Usamuweli 5