2 Usamuweli 3:36-39 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Bonke abantu bakubona, kwaba kuhle emehlweni abo, njengalokho konke eyakwenza inkosi kwaba kuhle emehlweni abantu bonke.

37. Base beqonda bonke abantu naye wonke u-Israyeli ngalolo suku ukuthi kwakungesikho okwenkosi ukubulala u-Abineri indodana kaNeri.

38. Inkosi yathi ezincekwini zayo: “Anazi yini ukuthi kufile umbusi nomuntu omkhulu kwa-Israyeli namuhla na?

39. Nami ngibuthakathaka namuhla noma ngigcotshiwe ngibe yinkosi; laba bantu, amadodana kaSeruya, balukhuni kunami; uJehova makaphindisele owenza okubi njengobubi bakhe.”

2 Usamuweli 3