2 Usamuweli 3:23-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

23. Esefikile uJowabe nempi yonke eyayinaye, bamtshela uJowabe ukuthi: “U-Abineri indodana kaNeri wafika enkosini; immukisile, wahamba ngokuthula.”

24. UJowabe wayeseya enkosini, wathi: “Wenzeni na? Bheka, u-Abineri wafika kuwe; ummukiseleni wahamba nokuhamba na?

25. Uyamazi u-Abineri indodana kaNeri ukuthi wafika ukukukhohlisa nokwazi ukuphuma kwakho nokungena kwakho, nokwazi konke okwenzayo.”

26. UJowabe esephumile kuDavide wathuma izithunywa ukulandela u-Abineri, zambuyisa emthonjeni waseSira, kepha uDavide wayengakwazi lokho.

27. U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.

28. Esekuzwa lokho ngasemuva uDavide wathi: “Mina nombuso wami asinacala phambi kukaJehova kuze kube phakade ngegazi lika-Abineri indodana kaNeri;

29. maliwele ekhanda likaJowabe nakuyo yonke indlu kayise. Makungaphuthi endlini kaJowabe ukuba kube khona ocucuzayo, nonochoko, nozimelelayo ngodondolo, nowayo ngenkemba, noswele isinkwa.”

2 Usamuweli 3