2 Usamuweli 3:10-21 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.”

11. Wayengenakumphendula u-Abineri ngezwi futhi, ngokuba wayemesaba.

12. U-Abineri wayesethuma izithunywa kuDavide esikhundleni sakhe ngokuthi: “Ngelikabani izwe na?” ethi futhi: “Yenza isivumelwano nami; bheka, isandla sami siyakuba nawe ukubuyisela kuwe wonke u-Israyeli.”

13. Wathi: “Kuhle; ngiyakwenza isivumelwano nawe, kepha yinto inye engiyifuna kuwe, ngeyokuthi awuyikubona ubuso bami, uma ungalethi kuqala phambi kwami uMikhali indodakazi kaSawule, lapho uzayo ukubona ubuso bami.”

14. UDavide wayesethuma izithunywa ku-Ishi Bosheti indodana kaSawule, ethi: “Nginike umkami uMikhali engammiselwa ngamajwabu ayikhulu amaFilisti.”

15. Wayesethumela u-Ishi Bosheti, wamthatha endodeni yakhe uPalitiyeli indodana kaLayishi.

16. Indoda yakhe yahamba naye, ikhala isahamba, yamlandela kwaze kwaba seBahurimi. U-Abineri wayesethi kuyo: “Buya.” Yabuya-ke.

17. U-Abineri waba nezwi namalunga akwa-Israyeli, ethi: “Ngezikhathi ezidlulileyo nafuna uDavide abe yinkosi phezu kwenu;

18. kwenzeni lokho manje, ngokuba uJehova ukhulumile ngoDavide ukuthi: ‘Ngesandla senceku yami uDavide ngiyakusindisa abantu bami u-Israyeli esandleni samaFilisti nasesandleni sazo zonke izitha zabo.’ ”

19. U-Abineri wakhuluma futhi ezindlebeni zakwaBenjamini; u-Abineri waya futhi ukukhuluma ezindlebeni zikaDavide eHebroni konke okwakukuhle ku-Israyeli nakuyo yonke indlu yakwaBenjamini.

20. Wayesefika u-Abineri kuDavide eHebroni nabantu abangamashumi amabili bekanye naye. UDavide wamenzela u-Abineri nabantu ababe naye idili.

21. U-Abineri wayesethi kuDavide: “Ngiyakusuka ngihambe ngiqoqele wonke u-Israyeli enkosini yami, inkosi, ukuba benze isivumelwano nawe nokuba ubuse phezu kwakho konke ekufisayo inhliziyo yakho.” UDavide wammukisa u-Abineri, wahamba ngokuthula.

2 Usamuweli 3