1. Kwakukhona ukulwa isikhathi eside phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide; uDavide waqhubeka ngokuqina njalo, kepha indlu kaSawule yaqhubeka ngokuncipha njalo.
2. Kwazalelwa uDavide amadodana eHebroni; izibulo lakhe laba ngu-Amnoni ku-Ahinohama waseJizreyeli;
3. eyesibili yaba nguKileyabi ku-Abigayili umkaNabali waseKarmeli; eyesithathu yayingu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimyi inkosi yaseGeshuri;
4. eyesine yayingu-Adoniya indodana kaHagiti; eyesihlanu yayinguShefathiya indodana ka-Abithali;
5. eyesithupha yayingu-Itereyamu ku-Egila umkaDavide. Lawo azalelwa uDavide eHebroni.
6. Kwathi kusekhona ukulwa phakathi kwendlu kaSawule nendlu kaDavide, u-Abineri wamela indlu kaSawule ngamandla.
7. Kepha uSawule wayenesancinza esigama laso lalinguRispa indodakazi ka-Aya. U-Ishi Bosheti wayesethi ku-Abineri: “Ungeneleni kuso isancinza sikababa na?”
8. U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka-Ishi Bosheti, wathi: “Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa, abafowabo nabangane bayo, angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.
9. UNkulunkulu makenze njalo ku-Abineri, enezele futhi, uma ngingenzi kuDavide njengalokho uJehova efungile kuye,
10. kudluliswe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBeri Sheba.”