UDavide wathi kuJehova, lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu: “Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”