29. noHelevi indodana kaBahana waseNethofa, no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini,
30. noBenaya wasePirathoni, noHidayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi,
31. no-Abi Aliboni wase-Araba, no-Azimaveti waseBarhumi,
32. no-Eliyaba waseShahaliboni, noBene Jasheni, noJonathani,
33. noShama waseHarari, no-Ahiyamu indodana kaSharari wase-Arari,
34. no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,
35. noHeserayi waseKarmeli, noPhaharayi wase-Arabi,
36. no-Igali indodana kaNathani waseSoba, noBani wakwaGadi,
37. noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya,
38. no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri,
39. no-Uriya umHeti, bengamashumi amathathu nesikhombisa bebonke.