17. Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.” Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.
18. U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu.
19. Wayengengotusekayo phakathi kwamashumi amathathu na? Ngalokho waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.
20. UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa,
21. wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe.
22. Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu.
23. Wayetuseka kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.
24. Phakathi kwabangamashumi amathathu kwakukhona u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema,
25. noShama waseHarodi, no-Elika waseHarodi,
26. noHelesi wasePaliti, no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa,
27. no-Abiyezeri wase-Anathoti, noMebunayi umHushati,
28. noSalimoni umAhohi, noMaharayi waseNethofa,
29. noHelevi indodana kaBahana waseNethofa, no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini,