1. Lawa angamazwi okugcina kaDavide.“UDavide indodana kaJese uthi,umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi,ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobenomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:
2. “UMoya kaJehova wakhuluma ngami;izwi lakhe lalisolimini lwami.
3. UNkulunkulu ka-Israyeli wathi,iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi:‘Obusa abantu ngokulunga,abuse ngokumesaba uNkulunkulu,
4. unjengokukhanya kwasekuseniekuphumeni kwelanga,isasa elingenamafu,lapho kuvela ekukhanyeni uhlazaemhlabathini emva kwemvula.’
5. “Ayinjalo indlu yami kuNkulunkuluna?Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade;sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile,ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwamiakayikukuhlumisa na?
6. Kepha onke amashinga ayakubanjengameva alahlwayo,ngokuba angephathwe ngesandla.
7. Kodwa umuntu owathintayowohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto,aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”
8. Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.
9. Emva kwakhe kwakungu-Eleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile;